Kwenziwa Isinqumo Ngazwi-linye Esasisekelwe Ezwini LikaNkulunkulu
Singafundani endleleni le nkinga eyasingathwa ngayo?
15:1, 2—Yiba othobekile futhi ubekezele. Kunokuba uPawulu noBarnaba baxazulule le nkinga ngokwabo, bafuna isiqondiso enhlanganweni kaJehova.
15:28, 29—Yethembe inhlangano kaNkulunkulu. Ibandla laliqiniseka ngokuthi uJehova wayezoziqondisa izinto esebenzisa umoya wakhe ongcwele noJesu Kristu.
16:4, 5—Lalela. Amabandla ayeqhubeka nokwanda lapho elalela isiqondiso sendikimba ebusayo.