Disemba 24-30
IZENZO 17-18
INgoma 78 Nomthandazo
Amazwi Okuvula (3 imiz. noma ngaphansi)
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU
“Lingisa Umphostoli UPawulu Endleleni Yokushumayela Nokufundisa”: (10 imiz.)
IzE 17:2, 3—UPawulu wayebonisana ngemiBhalo futhi ecaphuna kuyo lapho efundisa (iphuzu lokucwaninga elithi “wabonisana,” elikuyizE 17:2, kuyi-nwtsty-E; iphuzu lokucwaninga elithi “ebonisa ngezingcaphuno,” elikuyizE 17:3, kuyi-nwtsty-E)
IzE 17:17—UPawulu wayeshumayela nomaphi lapho ayethola khona abantu (iphuzu lokucwaninga elithi “esigcawini [noma, emakethe],” elikuyizE 17:17, kuyi-nwtsty-E)
IzE 17:22, 23—UPawulu wayeqaphile futhi ezama nokuthola azovumelana ngakho nabantu (iphuzu lokucwaninga elithi “Kunkulunkulu Ongaziwa,” elikuyizE 17:23, kuyi-nwtsty-E)
Ukumba Sifuna Ingcebo Engokomoya: (8 imiz.)
IzE 18:18—Yini engashiwo mayelana nesifungo esenziwa uPawulu? (w08 5/15 32 ¶5)
IzE 18:21—Singamlingisa kanjani uPawulu njengoba sizama ukufinyelela imigomo ezosisondeza kuNkulunkulu? (iphuzu lokucwaninga elithi “uma uJehova ethanda,” elikuyizE 18:21, kuyi-nwtsty-E)
Ukufundwa kweBhayibheli kwaleli sonto kukufundiseni ngoJehova?
Iyiphi enye ingcebo oyithole ekufundweni kweBhayibheli kwaleli sonto?
Ukufundwa KweBhayibheli: (4 imiz. noma ngaphansi) IzE 17:1-15
YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI
Lapho Ubuyela Okwesibili: (3 imiz. noma ngaphansi) Sebenzisa ingxenye ethi Ongase Uxoxe Ngakho. Yethula ividiyo ethi Siqhutshwa Kanjani Isifundo SeBhayibheli? (kodwa ungayidlali) bese nixoxa ngayo.
Lapho Ubuyela Okwesithathu: (3 imiz. noma ngaphansi) Zikhethele umBhalo ozowusebenzisa, bese unika umninikhaya incwadi esifundisa ngayo.
Esifundweni SeBhayibheli: (6 imiz. noma ngaphansi) jl isifundo 7
UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Shumayela Futhi Ufundise Izindaba Ezinhle Ngentshiseko: (15 imiz.) Ingxoxo. Dlala ividiyo ethi Ukukhulekela Komkhaya: UPawulu—Wazishumayela Ngokuphelele Izindaba Ezinhle. Yibe usubuza imibuzo elandelayo: Lo mndeni okule vidiyo ubone kanjani ukuthi udinga ukuthuthukisa izinga lenkonzo yawo? Balingisa ziphi izingxenye zenkonzo yomphostoli uPawulu? Bathola ziphi izibusiso? Imaphi amanye amacebiso okukhulekela komkhaya ongawasebenzisa?
ISifundo SeBhayibheli Sebandla: (30 imiz.) cf isahl. 1 ¶8-15
Ukubukeza Okulandelwa Amabal’ engwe Angesonto Elizayo (3 imiz.)
INgoma 151 Nomthandazo