Umshushisi Ononya Uba Ufakazi Oshisekayo
USawulu wakusebenzisa ngokushesha lokho ayekufunda. Kungani uSawulu akusebenzisa kuyilapho abanye behluleka ukwenza kanjalo? Yingoba wayesaba uNkulunkulu kunabantu futhi wayewujabulela kakhulu umusa uKristu ayembonise wona. Uma ufunda iBhayibheli kodwa ungakabhapathizwa, ingabe uzomlingisa uSawulu ngokukusebenzisa ngokushesha lokho okufundayo?