Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni​—⁠Ukuvumelana Nezimo

Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni​—⁠Ukuvumelana Nezimo

KUNGANI KUBALULEKILE: Abagcotshiwe nezinye izimvu bamema zonke izinhlobo zabantu ukuba ‘zithathe amanzi okuphila ngesihle.’ (IsAm 22:17) La manzi angokomfanekiso afanekisela wonke amalungiselelo kaJehova okukhulula abantu abalalelayo esonweni nasekufeni. Ukuze sisize abantu bamasiko nabezinkolo ezihlukahlukene kudingeka sibeke ‘izindaba ezinhle zaphakade’ ngendlela ezobakhanga.—IsAm 14:6.

INDLELA YOKUKWENZA:

  • Khetha indaba nomBhalo okuzothinta izinhliziyo zabantu abasensimini yenu. Ungase ukhethe ukusebenzisa lokho okusengxenyeni ethi Ongase Uxoxe Ngakho noma okunye oke wakusebenzisa kwaphumelela. Iziphi izindaba nemiBhalo okuthandwayo? Ingabe zikhona izindaba ezisematheni? Yini engakhanga umuntu wesilisa noma owesifazane?

  • Lapho uxoxa nomuntu mbingelele futhi wenze ngendlela evamile endaweni yangakini.2Ko 6:3, 4

  • Jwayelana nezinto zokufunda namavidiyo okuseBhokisini Lethu Lamathuluzi Okufundisa ukuze unike noma ubani obonakala ethanda ukulalela

  • Dawuniloda okufundwayo namavidiyo olimi lwabantu ongase uhlangane nabo ensimini yenu

  • Shintsha lokho obuzokusho ukuze kuvumelane nezidingo zomninikhaya. (1Ko 9:19-23) Ngokwesibonelo, yini obungase uyisho uma uzwa ukuthi umninikhaya usanda kushonelwa?

BUKELA IVIDIYO, BESE UPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:

  • Ummemezeli uqale ngokuxoxa ngani nomninikhaya?

  • Umninikhaya wayevelelwe yini?

  • Imiphi imiBhalo ebizovumelana nalesi simo futhi kungani?

  • Ukushintsha kanjani lokho ozoxoxa ngakho ukuze kukhange abantu basensimini yenu?