UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Uyafisa Yini Ukufaka Isicelo ESikoleni Sabashumayeli Bevangeli LoMbuso?
Ingabe iminyaka yakho iphakathi kwengu-23 no-65 futhi usenkonzweni yesikhathi esigcwele? Ingabe ungumqemane futhi ungakhonza noma ikuphi lapho okunesidingo esikhulu khona? Uma uye waphendula ngoyebo kule mibuzo, ingabe uke wakucabangela ukufaka isicelo sokuya eSikoleni Sabashumayeli Bevangeli LoMbuso? Kusukela ekilasini lokuqala, izinkulungwane zodade nabazalwane abangashadile kuhlanganise nabashadile ziye zafaka isicelo. Noma kunjalo, sidinga abazalwane abaningi abangashadile ukuba bafake isicelo. Cela uJehova ukuba akusize ukhulise isifiso sokumjabulisa futhi ulingise iNdodana yakhe. (IHu 40:8; Math 20:28; Heb 10:7) Yibe usucabangela indlela yokunciphisa umsebenzi wokuziphilisa noma neminye imithwalo ukuze ukwazi ukufaneleka.
Yimiphi iminyango eye yavulekela labo abaye bathweswa iziqu ngemva kokuba bethole lokhu kuqeqeshwa? Abanye baye bacelwa ukuba bakhonze ezindaweni lapho kukhulunywa khona olunye ulimi noma bahlanganyele emsebenzini wokufakaza emadolobheni amakhulu. Abanye baba ababambeli bababonisi besigodi, abanye baba ababonisi besigodi, abanye baba izithunywa zevangeli. Njengoba ucabanga ngezinto ongase uzenze enkonzweni kaJehova, kwangathi ungaba nesimo sengqondo esinjengesomprofethi u-Isaya, owathi: “Nangu mina! Thuma mina!”—Isaya 6:8.
BUKELANI IVIDIYO ETHI IZITHUNYWA ZEVANGELI ZASENSIMINI—IZISEBENZI EZIVUNAYO, BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:
-
Zikhethwa kanjani izithunywa zevangeli zasensimini?
-
Yimuphi umsebenzi omuhle izithunywa zevangeli zasensimini eziwenzayo?
-
Yiziphi izibusiso ezitholwa yizithunywa zevangeli?