Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Sibonisa Uthando Ngokusekela Isiyalo SikaJehova

Sibonisa Uthando Ngokusekela Isiyalo SikaJehova

Ukususwa kuvikela ibandla kuyale nabenzi bokubi. (1Ko 5:6, 11) Uma sisisekela lesi siyalo sikaJehova sisuke sibonisa uthando. Sisuke sibonisa kanjani uthando kuyilapho isiyalo sibangela ubuhlungu kosusiwe, izihlobo zakhe nasekomitini yokwahlulela?

Sisuke sibonisa ukuthi siyamthanda uJehova, asifuni ukungcolisa igama lakhe futhi siyakuhlonipha lokho akubheka njengokuhlanzekile. (1Pe 1:14-16) Sibonisa nokuthi siyamthanda umuntu osusiwe. Nakuba sibuhlungu isiyalo esiqinile, singenza athele “isithelo sokuthula esiwukulunga.” (Heb 12:5, 6, 11) Siphazamisa isiyalo sikaJehova uma siba nobudlelwane nomuntu osusiwe noma ozehlukanisile. Masikhumbule ukuthi uJehova uyabayala abantu bakhe “ngezinga elifanele.” (Jer 30:11) Njengoba sisekela isiyalo sikaJehova futhi siqhubeka senza izinto ezisisondeza kuye, sihlala sinethemba lokuthi lowo muntu uyobuyela kuBaba wethu onesihe.—Isaya 1:16-18; 55:7.

BUKELANI IVIDIYO ETHI LONDOLOZA UBUQOTHO NGENHLIZIYO ENOBUNYE, BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:

  • Bungakanani ubuhlungu obuzwiwa abazali abangamaKristu lapho ingane ishiya uJehova?

  • Ibandla lingawasekela kanjani amalungu omndeni athembekile?

  • Iyiphi indaba eseBhayibhelini ebonisa ukubaluleka kokuba qotho kakhulu kuJehova kunasemndenini?

  • Singabonisa kanjani ukuthi siqotho kuJehova kunasemndenini yethu?