Sithanda UJehova Kakhulu Kunemindeni Yethu
Ukuba qotho kwethu kuJehova kungavivinyeka kakhulu lapho umuntu esimthandayo esuswa ekuhlanganyeleni. Umyalo uJehova awunika u-Aroni wenza kucace ukuthi labo abanezihlobo ezisusiwe kumelwe bazihlukanise nazo. Kumelwe sithande uJehova kakhulu kunezihlobo zethu ezingathembekile.
Yiziphi izibusiso ezizotholwa yilabo abalalela isiqondiso sikaJehova ngokuphathelene nalabo abasusiwe?—1Ko 5:11; 2Joh 10, 11