Ephreli 16-22
MARKU 1-2
INgoma 77 Nomthandazo
Amazwi Okuvula (3 imiz. noma ngaphansi)
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU
“Izono Zakho Zithethelelwe”: (10 imiz.)
[Dlala ividiyo ethi Isethulo SikaMarku.]
Mar 2:3-5—Ngozwela, uJesu wathethelela izono zendoda efe uhlangothi (jy-E 67 ¶3-5)
Mar 2:6-12—UJesu wabonisa ukuthi unegunya lokuthethelela izono ngokwelapha indoda efe uhlangothi (iphuzu lokucwaninga elithi “Yikuphi okulula,” elikuMar 2:9, kuyi-nwtsty-E)
Ukumba Sifuna Ingcebo Engokomoya: (8 imiz.)
Mar 1:11—Asho ukuthini la mazwi uJehova awasho kuJesu? (amaphuzu okucwaninga: “kwavela izwi emazulwini,” “Wena uyiNdodana yami,”
akuMar 1:11, kuyi-nwtsty-E)
Mar 2:27, 28—Kungani uJesu azibiza ‘NgeNkosi yeSabatha’? (iphuzu lokucwaninga elithi “iyiNkosi . . . yesabatha,” elikuMar 2:28, kuyi-nwtsty-E)
Ukufundwa kweBhayibheli kwaleli sonto kukufundiseni ngoJehova?
Iyiphi enye ingcebo oyithole ekufundweni kweBhayibheli kwaleli sonto?
Ukufundwa KweBhayibheli: (4 imiz. noma ngaphansi) Mar 1:1-15
YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI
Lapho Nixoxa Okokuqala: (2 imiz. noma ngaphansi) Qala ngokusebenzisa ingxenye ethi Ongase Uxoxe Ngakho. Phendula umninikhaya ophikisa ngendlela evame endaweni yangakini.
Lapho Ubuyela Okokuqala: (3 imiz. noma ngaphansi) Sebenzisa ingxenye ethi Ongase Uxoxe Ngakho.
Ividiyo Ebonisa Lapho Ubuyela Okwesibili: (5 imiz.) Dlala ividiyo bese nixoxa ngayo.
UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
“Ngizelé Ukuzobiza Izoni, Hhayi Abantu Abalungileyo”: (7 imiz.) Ingxoxo. Dlala ividiyo ethi Waphuma Ejele Waba Umuntu Ongcono. Yibe usubuza imibuzo elandelayo: UDonald wakulungisa kanjani ukuphila kwakhe? Lapho sishumayela, singasilingisa kanjani isibonelo sikaJesu sokuphatha abanye ngokungakhethi?—Mar 2:17.
UJehova Uthethelela “Ngendlela Enkulu”: (8 imiz.) Ingxoxo. Dlala ividiyo ethi Jehova, Ngizobeka Wena Kuqala. Yibe usubuza imibuzo elandelayo: Kungani u-Anneliese abuyela kuJehova futhi lokho wakwenza kanjani? (Isaya 55:6, 7) Ungayisebenzisa kanjani indaba yakhe ukuze usize abapholile babuyisane noJehova?
ISifundo SeBhayibheli Sebandla: (30 imiz.) lv isahl. 6 ¶16-23
Ukubukeza Okulandelwa Amabal’ engwe Angesonto Elizayo (3 imiz.)
INgoma 117 Nomthandazo