UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Funa Imfundo Evela KuJehova
KUNGANI KUBALULEKILE: UMfundisi Omkhulu uJehova usinikeza imfundo engcono kunayo yonke. Usifundisa indlela esingathuthukisa ngayo ukuphila kwethu, asilungiselele ikusasa elimangalisayo—mahhala! (Isaya 11:6-9; 30:20, 21; IsAm 22:17) Ngemfundo evela kuye, uJehova uphinde asihlomisele ukuba sikwazi ukutshela abanye ngomyalezo osindisa ukuphila.—2Ko 3:5.
INDLELA YOKUKWENZA:
-
Hlakulela imfanelo yokuthobeka neyokuba mnene.—IHu 25:8, 9
-
Yamukela ukuqeqeshwa okutholayo kwamanje njengezabelo zabafundi zomhlangano waphakathi nesonto
-
Cabanga ngezindlela ongakhonza ngazo uJehova ngokugcwele bese wenza izinhlelo ezizokusiza ukuba wenze lokho.—Fil 3:13
-
Zidele ukuze ufanelekele ukuthola ukuqeqeshwa okwengeziwe.—Fil 3:8
BUKELA IVIDIYO ETHI SIBUSISIWE NGEMFUNDO EVELA KUJEHOVA, BESE UPHENDULA IMIBUZO ELANDELAYO:
-
Iziphi izinkinga abanye abamemezeli abazinqoba ukuze baye eSikoleni Sabashumayeli Bevangeli LoMbuso?
-
Ikuphi ukuqeqeshwa okutholakala eSikoleni Sabashumayeli Bevangeli LoMbuso?
-
Amalungu ebandla aye abasiza kanjani abathweswe iziqu lapho befika esabelweni sabo esisha?
-
Iziphi izimfuneko ezidingekayo ukuze ukwazi ukuya eSikoleni Sabashumayeli Bevangeli LoMbuso? (kr 189)
-
Ikuphi okunye ukuqeqeshwa ongazama ukukufinyelela enhlanganweni kaJehova?