Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Uzosilungiselela Kanjani ISikhumbuzo?

Uzosilungiselela Kanjani ISikhumbuzo?

Kusukela kulo nyaka, sizoba nesikhathi esithe xaxa sokulungiselela iSikhumbuzo sokufa kukaKristu. Lapho iSikhumbuzo siba phakathi nesonto, uMhlangano Wokuphila Nenkonzo ngeke ube khona ngalelo sonto. Lapho iSikhumbuzo siba ngempelasonto, inkulumo yeningi neSifundo se-Nqabayokulinda ngeke kube khona. Ingabe uzosisebenzisa kahle isikhathi esengeziwe kulokho okuhlelile? Njengasekhulwini lokuqala, kumelwe kwenziwe amalungiselelo alesi senzakalo esikhethekile. (Luka 22:7-13; km 3/15 1) Kodwa sonke kufanele silungise izinhliziyo zethu. Singakwenza kanjani lokho?

Abanye abamemezeli bafunda futhi bazindle ngokufundwa kweBhayibheli kwenkathi yeSikhumbuzo okutholakala encwajaneni ethi Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke. Abanye bafunda amavesi akuleli shadi elingezansi. Kanti abanye babuyekeza izihloko ze-Nqabayokulinda ezikhuluma ngeSikhumbuzo nangothando uJehova noJesu abasibonise lona. Noma ngabe yini okhetha ukuyifunda, kwangathi ingakusondeza nakakhulu kuJehova naseNdodaneni yakhe.