Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | 1 KORINTE 14-16

UNkulunkulu Uyoba “Yikho Konke Kuwo Wonke Umuntu”

UNkulunkulu Uyoba “Yikho Konke Kuwo Wonke Umuntu”

15:24-28

Abathembekile kuJehova balindelwe ikusasa eliqhakazile. Lapho sikhuluma nabanye ngentshiseko ngaleli themba esinalo, izithembiso uJehova asithembise zona ziyagxila ezingqondweni nasezinhliziyweni zethu. Umphostoli uPawulu wakhuthaza amaKristu ayekanye nawo ukuba acabange ngesikhathi sokuphela kwemiNyaka Eyinkulungwane Yokubusa KukaKristu lapho uJehova eyoba “yikho konke kuwo wonke umuntu.”

Kulezi zibusiso zesikhathi esizayo, yisiphi osibheke ngabomvu futhi kungani?

Yini ekwenza uqiniseke ukuthi izithembiso zikaJehova zizofezeka?