Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | GENESISE 32-33

Ingabe Ulwa Kanzima Ukuze Uthole Izibusiso?

Ingabe Ulwa Kanzima Ukuze Uthole Izibusiso?

32:24-28

Kumelwe sikulwele kanzima ukugcina uMbuso kaNkulunkulu uza kuqala ekuphileni kwethu ukuze uJehova asibusise. (1Ko 9:26, 27) UJakobe osekhulile wabonisa umoya okufanele sibe nawo lapho senza imisebenzi yethu yobuKristu. Sibonisa ukuthi sifisa ngempela ukuba uJehova asibusise . . .

  • Ngokulungiselela kahle imihlangano

  • Ngokuya njalo ensimini

  • Ngokwenza okusemandleni ukuze sisize abanye ebandleni

Kungakhathaliseki ukuthi sinzima kangakanani isimo obhekene naso, qhubeka uthandaza, ucele uJehova akusize futhi akubusise njengoba umkhonza ngokuzikhandla.

ZIBUZE, ‘Iziphi izinto ekuphileni kwami engingazithuthukisa ukuze uJehova angibusise?’