UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Yini Ebaluleke Kunakho Konke Kimi?
UJakobe wabamba ingelosi wangayiyeka ukuze athole into ebaluleke kakhulu—isibusiso sikaJehova. (Gen 32:24-31; Hos 12:3, 4) Kuthiwani ngathi? Ingabe sizimisele ukwenza konke esingakwenza futhi silalele uJehova ukuze asibusise? Ngokwesibonelo, yini esingayenza lapho kumelwe sikhethe phakathi kokuya esifundweni nokusebenza amahora engeziwe emsebenzini wokuziphilisa? Uma sinika uJehova isikhathi sethu esingcono kakhulu, amandla ethu onke nezinto zethu ezibalulekile, usithululela “isibusiso kuze kungabikho ukuswela.” (Mal 3:10) Uzosiqondisa, asivikele, asiphe nalokho esikudingayo.—Math 6:33; Heb 13:5.
BUKELA IVIDIYO ETHI, HLALA UGXILE EMIGOMWENI ENGOKOMOYA, BESE UPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:
-
Udadewethu wavivinywa kanjani yinto ayithandayo?
-
Umsebenzi wethu wokuziphilisa ungaba kanjani uvivinyo?
-
Kungani kwadingeka ukuba uThimothewu aqhubeke ezibekela imigomo ngisho nalapho ayesewumKristu ovuthiwe?—1Thim 4:16
-
Sibonisa kanjani ukuthi imuphi “umsebenzi obalulekile” kithi?