Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

“Lahlani Onkulunkulu Bezizwe”

“Lahlani Onkulunkulu Bezizwe”

Nakuba uJehova ayengakawukhiphi umthetho olahla ukukhonza izithombe, uJakobe wayazi ukuthi abantu kwakumelwe bakhonze uJehova kuphela. (Eks 20:3-5) Ngakho, ngemva kokuba uJehova emtshele ukuba abuyele eBhethele, uJakobe wayala bonke abantu ayenabo ukuba bamnike izithombe zabo ezibaziwe. UJakobe wabe esezilahla lezo zithombe ezibaziwe, kuhlanganise namacici, okungenzeka ayesetshenziswa njengesivikelo. (Gen 35:1-4) Akungabazeki ukuthi uJehova wakujabulela lokho okwenziwa uJakobe.

Namuhla yini esingayenza ukuze sikhonze uJehova kuphela? Singaqala ngokugwema noma yini ehlobene nokukhonza izithombe noma imimoya. Lokhu kuhlanganisa ukulahla noma yini ehlobene nemilingo bese sihlolisisa konke esizijabulisa ngakho. Ngokwesibonelo, zibuze: ‘Ingabe ngijabulela ukufunda izincwadi noma ukubukela ama-movie anezinto ezinjengama-vampire, ama-zombie, noma abantu abanamandla angaphezu kwavamile? Ingabe izinto engizijabulisa ngazo zibonisa ukuthi imilingo, iziphonso ukuthakatha ziyizinto zokuzijabulisa ezingeyona ingozi?’ Kufanele sizibalekele izinto uJehova azizondayo.—IHu 97:10.

BUKELA IVIDIYO ETHI “MELANA NODEVELI,” BESE UPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:

  • Yini eyenzeka ekuphileni kukaPalesa okufundwa naye iBhayibheli?

  • Kungani kuwukuhlakanipha ukucela usizo lwabadala ezindabeni ezihilela imimoya?

  • Melana noDeveli, usondele kuNkulunkulu.—Jak 4:7, 8

    Yiziphi izinto labo abafuna ukuvikelwa uJehova okufanele bazilahle?

  • Yisiphi isinyathelo esiwujuqu esathathwa uPalesa?

  • Endaweni ohlala kuyo, iziphi izindlela ongagwema ngazo ukuthonywa amademoni?