Kufundiswa iqiniso eCambodia

INCWAJANA YOMHLANGANO WOKUPHILA NENKONZO Febhuwari 2018

Ongase Uxoxe Ngakho

Izingxoxo ezisekelwe emibuzweni ethi: Ingabe iBhayibheli lisewusizo nanamuhla? Ingabe iBhayibheli liyavumelana nesayensi? Ingabe iseluleko seBhayibheli siyasebenza?

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU

Umfanekiso Kakolweni Nokhula

Yini uJesu ayichazayo kulo mfanekiso? Ubani omelelwe umhlwanyeli, isitha nabavuni?

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Imifanekiso YoMbuso Nendlela Esisiza Ngayo

UJesu wasebenzisa imifanekiso elula ukuze afundise izifundo ezibalulekile ngoNkulunkulu. Iziphi ezinye izifundo esingazifunda kuMathewu isahluko 13?

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU

Ukondla Abaningi Ngezandla Zabambalwa

UJesu uyala abafundi bakhe ukuba bondle isixuku sabantu abaningi, ngisho noma benezinkwa ezinhlanu nezinhlanzi ezimbili. Kwenzekani, futhi lokho kusisiza kanjani?

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

“Hlonipha Uyihlo Nonyoko”

UJesu wagcizelela umyalo ‘wokuhlonipha uyihlo nonyoko.’ Ingabe lo myalo wokuhlonipha abazali uphelelwa isikhathi?

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU

Ekabani Imicabango Oyicabangayo?

Yini okumelwe siyenze ukuze siqondiswe intando kaNkulunkulu? UJesu wabala izinto ezintathu ezizosisiza sigweme imicabango engalungile.

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni​​—⁠Ukusebenzisa Imibuzo Ngokuphumelelayo

UJesu wayebuza imibuzo ephumelelayo ukuze afundise izilaleli zakhe izifundo eziningi. Singalilingisa kanjani ikhono lakhe lokufundisa ensimini?

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU

Qikelela Ukuba Ungakhubeki Futhi Ungabakhubi Nabanye

UJesu wasebenzisa imifanekiso ukuze abonise ukuthi ukukhubeka nokukhubekisa abanye kungaba nemiphumela emibi kangakanani. Yini engaba isikhubekiso ekuphileni kwakho?