Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

“Hlonipha Uyihlo Nonyoko”

“Hlonipha Uyihlo Nonyoko”

Lapho uJesu esemhlabeni, wagcizelela umyalo othi: “Hlonipha uyihlo nonyoko.” (Eks 20:12; Math 15:4) Ngokuqinisekile, uJesu wakusho ngokukhululeka lokhu ngoba lapho esemusha “waqhubeka ezithoba” kubazali bakhe. (Luka 2:51) Nalapho esekhulile, waqiniseka ukuthi nangemva kokufa kwakhe unina wayezonakekelwa kahle.—Joh 19:26, 27.

Ngisho nanamuhla, intsha engamaKristu elalela abazali bayo nekhuluma nabo ngenhlonipho isuke ibahlonipha. Empeleni, umyalo wokuhlonipha abazali bethu awuphelelwa yisikhathi. Nalapho abazali bethu sebekhulile, kufanele siqhubeke nokubahlonipha ngokusebenzisa ubuhlakani esibuthola kubo. (IzA 23:22) Sihlonipha abazali bethu asebekhulile nangokubanakekela ngokomzwelo nangokwezimali uma kudingeka. (1Thim 5:8) Kungakhathaliseki ukuthi sibancane noma sibadala, kubalulekile ukuhlale sixoxa nabazali bethu ukuze babone ukuthi siyabahlonipha.

BUKELA IVIDIYO ETHI NGINGAXOXA KANJANI NABAZALI BAMI? ESENGXENYENI ETHI UKUFUNDA NGEMIDWEBO BESE UPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:

  • Kungani kungase kube nzima ukuxoxa nabazali bakho?

  • Ungababonisa kanjani ukuthi uyabahlonipha abazali bakho lapho ukhuluma nabo?

  • Kungani kunenzuzo ukwenza umzamo wokuxoxa nabazali bakho? (IzA 15:22)

    Ukuxoxa nabazali bakho kungakusiza uphumelele ekuphileni