Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | MATHEWU 14-15

Ukondla Abaningi Ngezandla Zabambalwa

Ukondla Abaningi Ngezandla Zabambalwa

Ngaphambi nje kwePhasika lika-32 C.E., uJesu wenza isimangaliso okuwukuphela kwaso esibhalwe yibo bobane abalobi bamaVangeli.

Esebenzisa lesi simangaliso, uJesu wabeka indlela yokwenza izinto, leyo asayisebenzisa nanamuhla.

14:16-21

  • UJesu wayala abafundi bakhe ukuba bondle izixuku, nakuba babenezinkwa ezinhlanu nezinhlanzi ezimbili kuphela

  • UJesu wathatha lezo zinkwa nezinhlanzi, wathandaza, wabe esenika abafundi bakhe, bona bazidlulisela ezixukwini

  • Ngokuyisimangaliso, abantu badla kwaze kwasala. UJesu wondla izinkulungwane esebenzisa izandla zabambalwa nje—okungabafundi bakhe

  • UJesu wabikezela ukuthi ngezinsuku zokugcina, wayeyomisa umzila wokulungiselela ‘ukudla’ okungokomoya ‘ngesikhathi esifanele.’—Math 24:45

  • Ngo-1919, uJesu wamisa “inceku ethembekileyo neqondayo,” okuyiqembu elincane labafowethu abagcotshiwe, ‘phezu kwabendlu yakhe,’ okuyilabo abondliwayo

  • Esebenzisa leli qembu elincane labafowethu abagcotshiwe, uJesu usenza ngendlela enza ngayo ngekhulu lokuqala

Ngingabonisa kanjani ukuthi ngiyawuqaphela futhi ngiyawuhlonipha umzila uJesu awusebenzisayo ukuze ondle abantu ngokomoya?