Qikelela Ukuba Ungakhubeki Futhi Ungabakhubi Nabanye
UJesu wasebenzisa imifanekiso ukuze abonise ukuthi ukukhubeka nokukhubekisa abanye kungaba nemiphumela emibi kangakanani.
-
“Isikhubekiso” sisho isenzo noma izimo ezenza umuntu alandele inkambo engafanele, akhubeke, aziphathe kabi noma one
-
Kungaba ngcono ukuba umuntu okhubekisa abanye agaxwe itshe lokugaya entanyeni yakhe aphonswe olwandle
-
UJesu weluleka abalandeli bakhe ukuba bakhiphe ngisho nento ebaluleke njengesandla noma iso uma kubakhubekisa
-
Kungangcono ukuyidela leyonto ebalulekile bese ungena eMbusweni kaNkulunkulu kunokuqhubeka unayo kodwa ugcine uphonswe eGehena, okufanekisela ukubhujiswa ngokuphelele
Ekuphileni kwami, yini engaba isikhubekiso, futhi yini engingayenza ukuze ngingakhubeki noma ngikhubekise abanye?