UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Imifanekiso YoMbuso Nendlela Esisiza Ngayo
UJesu wasebenzisa imifanekiso elula ukuze afundise izifundo ezibalulekile ngoNkulunkulu. Nokho, abantu abathobekile kuphela abafisa ukuqonda nokusebenzisa izifundo azifundisa. (Math 13:10-15) Emfanekisweni ngamunye woMbuso, phendula imibuzo elandelayo: Ngingazuza kanjani kulo mfanekiso? Kufanele ikushintshe kanjani ukuphila kwami?
UMBUSO WAMAZULU . . .
-
“unjengohlamvu lwesinaphi.”—Math 13:31, 32; w14 12/15 8 ¶9.
-
“unjengemvubelo.”—Math 13:33; w14 12/15 9-10 ¶14-15.
-
“unjengomcebo” kanye ‘nomthengisi ohambahambayo.’—Math 13:44-46; w14 12/15 10 ¶18.