Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | MATHEWU 12-13

Umfanekiso Kakolweni Nokhula

Umfanekiso Kakolweni Nokhula

UJesu wasebenzisa ukolweni nokhula lapho efanekisa inqubo eyayizoqala ngo-33 C.E, ukuze abonise ukuthi wayeyowakhipha nini futhi kanjani amaKristu agcotshiwe ayisigaba sikakolweni kuso sonke isintu.

13:24

‘Umuntu othile wahlwanyela imbewu enhle ensimini yakhe’

  • Umhlwanyeli: UJesu Kristu

  • Kuhlwanyelwa imbewu enhle: Abafundi bakaJesu bagcotshwa ngomoya ongcwele

  • Insimu: Abantu

13:25

“Ngesikhathi abantu besalele, isitha sakhe safika sahlwanyela ukhula”

  • Isitha: UDeveli

  • Abantu besalele: Ukufa kwabaphostoli

13:30

“Kuyekeni kukhule ndawonye kokubili kuze kube sekuvuneni”

  • Ukolweni: AmaKristu Agcotshiwe

  • Ukhula: AmaKristu Mbumbulu

‘Buthani ukhula kuqala, bese nibutha ukolweni’

  • Izinceku/abavuni: Izingelosi

  • Kubuthwa ukhula: AmaKristu mbumbulu ahlukaniswa kumaKristu agcotshiwe

  • Ukubuthela enqolobaneni: AmaKristu agcotshiwe abuthelwa ebandleni elakhiwe kabusha

Lapho kuqala inkathi yokuvuna, yini eyahlukanisa amaKristu angempela kumaKristu mbumbulu?

Ngizuza kanjani ngokuqonda lo mfanekiso?