Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | ROMA 4-6

UNkulunkulu Uyasibonisa Ukuthi Uyasithanda

UNkulunkulu Uyasibonisa Ukuthi Uyasithanda

5:8, 18, 21

Isipho sikaJehova sesihlengo sihlanza igama lakhe, sibonise ukuthi uyena onelungelo lokubusa, sibonise nokuthi indlela abusa ngayo ingcono kunazo zonke. Ngaphezu kwalokho, isihlengo sisenza sikwazi ukuba abantu abalungile emehlweni kaNkulunkulu ngisho namanje futhi senza bonke abantu abalalelayo babe nethemba lekusasa elijabulisayo.

Singabonisa kanjani ukuthi siyambonga uJehova ngesipho sesihlengo?

  • Ukuzinikezela nokubhapathizwa kubonisa ukuthi siyakholelwa emhlatshelweni wesihlengo nokuthi sifuna ukuba ngabakaJehova

  • Ukushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu kubonisa ukuthi sithanda bonke abantu njengoJehova.—Math 22:39; Joh 3:16

Iziphi ezinye izindlela engingabonisa ngazo ukuthi ngiyambonga uJehova ngesipho sesihlengo?