Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Qhubeka Uwulinde Ngokulangazela Nangokukhuthazela

Qhubeka Uwulinde Ngokulangazela Nangokukhuthazela

Usuwulinde isikhathi eside kangakanani uMbuso kaNkulunkulu? Ingabe ubulokhu ukhuthazele ngesineke naphezu kwezinkinga? (Ro 8:25) Amanye amaKristu ayazondwa, aphathwa kabi, asemajele noma asongelwa ngokuthi azobulawa. Amaningi akhuthazelela izifo ezingomahlala-khona noma izinkinga zokukhula.

Yini ezosisiza siqhubeke silinde ngokulangazela lapho sibhekene nanoma yiluphi uvivinyo? Kumelwe siqinise ukholo lwethu ngokufunda iBhayibheli nsuku zonke futhi sizindle ngalo. Kumelwe sigxile ethembeni esinalo. (2Ko 4:16-18; Heb 12:2) Kumelwe sinxuse uJehova ngomthandazo, simcele ukuba asiphe umoya wakhe ongcwele onamandla. (Luka 11:10, 13; Heb 5:7) UBaba wethu onothando angasisiza ‘sikhuthazele ngokugcwele futhi sibekezele ngenjabulo.’—Kol 1:11.

BUKELA IVIDIYO ETHI KUMELWE ‘SIGIJIME NGOKUKHUTHAZELA’QINISEKA NGOKUTHI UZOWUTHOLA UMKLOMELO, BESE UPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:

  • Iziphi ‘izenzakalo ezingalindelekile’ ezingasehlela? (Shu 9:11)

  • Ukuthandaza kusisiza kanjani lapho sibhekene novivinyo?

  • Uma singasakwazi ukwenza okuningi enkonzweni kaJehova, kungani kufanele sigxile kulokho esisengakwenza?

  • Gxila emklomelweni

    Yini ekusiza ukuba uhlale uqiniseka ngokuthi uzowuthola umklomelo?