Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni​—Ukuyeka Ukutadisha IBhayibheli Nabantu Abangathuthuki

Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni​—Ukuyeka Ukutadisha IBhayibheli Nabantu Abangathuthuki

OKWENZA KUBALULEKE: Abantu kumelwe babize igama likaJehova ukuze basindiswe. (Ro 10:13, 14) Kodwa akuwona wonke umuntu esitadisha naye iBhayibheli ofuna ukuphila ngemithetho kaJehova. Sisuke sisebenzisa kahle isikhathi sethu esiyigugu enkonzweni lapho sisiza labo abafuna ngempela ukushintsha ukuphila kwabo ukuze bajabulise uJehova. Uma umuntu esitadisha naye iBhayibheli engathuthuki ngemva kwesikhathi esithile, kuyoba ukuhlakanipha ukuyeka ukufunda naye bese sisebenzisa isikhathi sethu ukuze sisize labo uJehova abadonsela kuye nasenhlanganweni yakhe. (Joh 6:44) Nokho, uma esikhathini esizayo lowo muntu ebonisa ukuthi ‘usethambekele ngokufanele ekuphileni okuphakade,’ siyokujabulela ukuphinde sitadishe naye iBhayibheli.—IzE 13:48.

INDLELA YOKUKWENZA:

  • Mncome umfundi ngokuthi ufuna ukufunda iqiniso.—1Thim 2:4

  • Gcizelela indlela okubaluleke ngayo ukusebenzisa lokho akufundile.—Luka 6:46-49

  • Ngomusa, xoxa naye ngomfanekiso kaJesu womhlwanyeli bese umcela acabange ukuthi yini emvimbayo ukuba athuthuke.—Math 13:18-23

  • Ngobuhlakani, mchazele ukuthi kungani uyeka ukutadisha naye iBhayibheli

  • Mazise ukuthi uzomvakashela ngezinye izikhathi ukuze umkhuthaze nokuthi ningaphinde nifunde esikhathini esizayo uma ethuthuka

BUKELA IVIDIYO BESE UPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:

  • Yini esiyithole kule ngxoxo ebonise ukuthi umfundi ubengathuthuki?

  • Ummemezeli umsize kanjani umfundi ukuba aqonde ukuthi kudingeka athuthuke?

  • Yini ummemezeli ayishilo ukuze abonise ukuthi isifundo singaphinde siqale esikhathini esizayo?