Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | NEHEMIYA 9-11

Abakhulekeli Abathembekile Basekela Amalungiselelo Angokwasezulwini

Abakhulekeli Abathembekile Basekela Amalungiselelo Angokwasezulwini

Abantu bakaNkulunkulu basekela ukukhulekela kweqiniso ngokuzithandela ngezindlela ezihlukahlukene

10:28-30, 32-39; 11:1, 2

  • Isizwe salungiselela futhi sagubha uMkhosi Wamadokodo ngendlela efanele

  • Usuku ngalunye abantu babebuthana ukuze balalele ukufundwa koMthetho kaNkulunkulu, okwabenza bajabula

  • Abantu bavuma izono zabo, bathandaza futhi bacela uJehova ukuba ababusise

  • Abantu bavuma ukuqhubeka besekela wonke amalungiselelo angokwasezulwini

Ukusekela amalungiselelo angokwasezulwini ngokuqhubekayo kwakuhlanganisa:

  • Ukushada kuphela nalabo abakhulekela uJehova

  • Ukwenza iminikelo yezimali

  • Ukugcina iSabatha

  • Ukunikela ngezingodo ze-altare

  • Ukunikela ngolibo lwesivuno namazibulo emfuyo kuJehova