Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Ukuphila Okungcono Kakhulu

Ukuphila Okungcono Kakhulu

Kunamathuba amaningi avulekele intsha enhlanganweni kaJehova. Bukela i-video ethi Ukuphila Okungcono Kakhulu ukuze ubone indlela uCameron abusebenzisa ngokuhlakanipha ngayo ubusha bakhe. Ngemva kwalokho phendula imibuzo engezansi. (Ngena ku-jw.org/zu, bese ubheka ngaphansi kwengxenye ethi IZIMFUNDISO ZEBHAYIBHELI > INTSHA.)

  • Yini ebilokhu ibalulekile ekuphileni kukaCameron?

  • Kunini lapho anquma khona ukwandisa inkonzo yakhe futhi kanjani?

  • Wakulungiselela kanjani ukuyokhonza endingekweni, kwelinye izwe?

  • Yiziphi izinselele uCameron abhekana nazo lapho ekhonza ezweni elikude?

  • Kungani kungase kuzuzise ukukhonza uJehova endaweni lapho singakaze simkhonze khona ngaphambili?

  • Yiziphi izibusiso uCameron azithola?

  • Kungani ukukhonza uJehova kuholela ekuphileni okungcono kakhulu?

  • Yimaphi amanye amathuba intsha enawo enhlanganweni kaJehova?