Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | ISAYA 63-66

Amazulu Amasha Nomhlaba Omusha Kuyoletha Injabulo Enkulu

Amazulu Amasha Nomhlaba Omusha Kuyoletha Injabulo Enkulu

Isithembiso sikaNkulunkulu sokuvuselela izinto esiku-Isaya isahluko 65 siqiniseke kangangokuthi uJehova ukhuluma ngaso njengokungathi sesiyagcwaliseka

UJehova udala amazulu amasha nomhlaba omusha, lapho izinto zangaphambili zingasakhunjulwa khona

65:17

Ayini amazulu amasha?

  • Awuhulumeni omusha oyoletha ukulunga emhlabeni

  • Wamiswa ngo-1914 lapho uKristu ebekwa esihlalweni njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu

Uyini umhlaba omusha?

  • Uwumphakathi wabantu abavela kuzo zonke izizwe, izilimi nezinhlanga abazithoba ngokuzithandela ekubuseni kukahulumeni omusha wasezulwini

Kungayiphi indlela izinto zangaphambili zingeke zikhunjulwe?

  • Izimbangela zezinkumbulo ezibuhlungu—ukuhlukumezeka emzimbeni, engqondweni nasemizwelweni—ziyobe zingasekho

  • Abantu abathembekile bayokujabulela ngokugcwele ukuphila futhi bayoba nezinkumbulo ezimnandi zosuku ngalunye