UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Jabulani Ethembeni Eninalo
Ithemba linjengehange. (Heb 6:19) Lisisiza sikwazi ukugwema ukuphukelwa umkhumbi ongokomoya lapho sibhekene nezivunguvungu zasolwandle. (1Thim 1:18, 19) Izivunguvungu zasolwandle zingahlanganisa ukudumazeka, ukulahlekelwa impahla, ukugula okuqhubekayo, ukufelwa othandekayo nanoma yini esongela ubuqotho bethu.
Ukholo nethemba kusenza siwubone ngokucacile umvuzo othenjisiwe. (2Ko 4:16-18; Heb 11:13, 26, 27) Ngakho, kungakhathaliseki ukuthi sinethemba lokuphila ezulwini noma emhlabeni, kumelwe siliqinise njalo ngokuzindla ngezithembiso eziseZwini likaNkulunkulu. Kuyothi lapho sizizwa silusizi ngenxa yovivinyo, kube lula ukuqhubeka sijabule.—1Pet 1:6, 7.
BUKA I-VIDEO ETHI JABULANI ETHEMBENI, BESE UPHENDULA IMIBUZO ELANDELAYO:
-
Kungani uMose eyisibonelo esihle sokulingiswa?
-
Izinhloko zemindeni zinamuphi umthwalo?
-
Yiziphi izihloko eningaxoxa ngazo ngezikhathi zokuKhulekela Komkhaya?
-
Ithemba lingakusiza kanjani ubhekane novivinyo ngokuqiniseka?
-
Yini oyilindele ngokulangazela?