Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | ISAYA 58-62

“Memezela Unyaka Wokuthakazelelwa NguJehova”

“Memezela Unyaka Wokuthakazelelwa NguJehova”

“Unyaka wokuthakazelelwa nguJehova” awuwona unyaka ongokoqobo

61:1, 2

  • Uyinkathi lapho uJehova enika abathobekileyo ithuba lokusabela esimemezelweni sakhe senkululeko

  • Ekhulwini lokuqala, unyaka wokuthakazelelwa waqala lapho uJesu eqala inkonzo yakhe ngo-29 C.E., waphela ‘ngosuku lwempindiselo’ kaJehova lapho kubhujiswa iJerusalema ngo-70 C.E.

  • Osukwini lwethu, unyaka wokuthakazelelwa waqala lapho uJesu ebekwa esihlalweni sobukhosi ezulwini ngo-1914 futhi uyophetha ngosizi olukhulu

UJehova ubusisa abantu bakhe ‘ngemithi emikhulu yokulunga’

61:3, 4

  • Imithi emide kunayo yonke emhlabeni ngokuvamile ikhula ndawonye emahlathini, lapho imithi isekelana khona

  • Izimpande eziningi ezisabalele zingase zibambane, kwenze imithi izimelele futhi imelane neziphepho

  • Imithi emide yakhela emincane ithunzi elivikelayo futhi amaqabunga awela phansi avundise inhlabathi

Wonke amalungu ebandla lobuKristu lomhlaba wonke ayazuza ekusekeleni nasesivikelweni ‘semithi emikhulu yokulunga,’ insali egcotshiwe