UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Zisebenzise Ngokuhlakanipha Izincwadi Ezisekelwe EBhayibhelini
UJesu wafundisa: “Namukelé ngesihle, yiphani ngesihle.” (Math 10:8) Sinamathela kuleso siqondiso esicacile ngokungabakhokhisi abantu ngeBhayibheli noma ngezincwadi zethu ezisekelwe eBhayibhelini. (2Ko 2:17) Noma kunjalo, lezi zincwadi ziqukethe amaqiniso ayigugu aseZwini likaNkulunkulu. Ukunyatheliswa nokuthunyelwa kwezincwadi emabandleni asemhlabeni wonke kudinga umzamo nezimali ezinkulu. Ngakho, kufanele sithathe kuphela lezo esizidingayo.
Sebenzisa ukuqonda lapho uhambisa izincwadi, ngisho nasezindaweni zokufakaza obala. (Math 7:6) Kunokuba umane unike abadlulayo izincwadi, zama ukuxoxa nabo ukuze ubone ukuthi bayathanda yini ukwazi okwengeziwe. Ukhona yini umbuzo ongawuphendula ngo-yebo kuleyo esebhokisini? Uma kunzima ukubona ukuthi umuntu uyathanda yini ukwazi okwengeziwe, kungcono kakhulu ukumnika ipheshana. Kuyiqiniso ukuthi uma ecela umagazini noma enye incwadi, siyokujabulela ukumnika yona.—IzA 3:27, 28.