INCWAJANA YOMHLANGANO WOKUPHILA NENKONZO Januwari 2016
Izintshumayelo Ezisikiselwe
Amacebiso okuhambisa omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! kanye nencwajana ethi Izindaba Ezinhle Ezivela KuNkulunkulu. Sebenzisa lezi zibonelo ukuze uzakhele ezakho izintshumayelo.
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU
Ukukhulekela Kweqiniso Kudinga Ukuzikhandla
Cabanga iNkosi uHezekiya ivuselela ukukhulekela kweqiniso ngokuzimisela. Sebenzisa imidwebo, amabalazwe neshadi lezenzakalo ezikweyesi-2 IziKronike 29-30.
YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI
Indlela Yokuqhuba Isifundo Ngencwajana Ethi Izindaba Ezinhle
Izinyathelo ezinhlanu ezilula zokuqhuba izifundo zeBhayibheli eziphumelelayo ngencwajana ethi Izindaba Ezinhle Ezivela KuNkulunkulu!
UKUPHILA KOBUKRISTU
Ilungelo Lethu Lokwakha Nokunakekela Izindawo Zokukhulekela Kweqiniso
Singalubonisa kanjani uthando nentshiseko yethu ngenkonzo engcwele ezindaweni zethu zokukhulekela?
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU
UJehova Uyakwazisa Ukuphenduka Ngobuqotho
Ukuphenduka okuqotho kweNkosi uManase kwaba nemiphumela emihle. Qhathanisa ukubusa kwakhe ngaphambi kokuthunjwa nangemva kokudedelwa kwakhe eBhabhiloni. (2 IziKronike 33-
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU
UJehova Uyazigcina Izithembiso Zakhe
Ishadi lezikhathi zezenzakalo eziku-Ezra 1-5. Naphezu kwezihibe, amaJuda ayabuya eBhabhiloni, avuselela ukukhulekela kweqiniso futhi akhe ithempeli kabusha.
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU
UJehova Ufuna Izinceku Ezinomoya Ovumayo
U-Ezra nayehamba nabo ukuya eJerusalema babedinga ukholo oluqinile, intshiseko ngokukhulekela kweqiniso nesibindi. Sebenzisa umdwebo ukuze ubabone ngeso lengqondo besohambweni.
UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni —Ukubeka Isisekelo Sempindelo
Izinyathelo ezintathu zokwenza izimpindelo eziphumelelayo kulabo ababonise isithakazelo emaqinisweni eBhayibheli.