Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni—Ukubeka Isisekelo Sempindelo

Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni—Ukubeka Isisekelo Sempindelo

OKWENZA KUBALULEKE:

Sifuna ukunisela imbewu yeqiniso esiyitshalayo. (1Ko 3:6) Lapho sithola umuntu obonisa isithakazelo, kuhle ukulengisa umbuzo esiyoxoxa ngawo ngokuzayo. Lokhu kuyokwakha ukulangazela kuye futhi kwenze kube lula kithi ukulungiselela leyo mpindelo. Uma sesibuyela, singamtshela ukuthi sizophendula umbuzo esawubuza ngokwedlule.

INDLELA YOKUKWENZA:

  • Lapho ulungiselela intshumayelo yendlu ngendlu, hlanganisa nombuzo ozowulengisa ozowuphendula ekuhambeleni okulandelayo. Kungaba okuthile okukhulunywa ngakho kulokho okuhambisayo. Noma kungaba umbuzo ophendulwa kwenye yezincwadi zethu zokutadisha ohlela ukumnika yona uma usubuyela.

  • Lapho usuphetha ingxoxo nomuntu obonisa isithakazelo, mazise ngesifiso sakho sokuphinde ukhulume naye futhi umbuze umbuzo owulungiselele. Uma kungenzeka, thatha imininingwane yokuxhumana naye.

  • Uma umtshela ukuthi uzobuya ngesikhathi esithile, buya ngaso.Math 5:37.