Izintshumayelo Ezisikiselwe
INQABAYOKULINDA
Umbuzo: Ucabanga ukuthi izwe belingaba yindawo engcono yini ukube wonke umuntu ubephila ngalesi simiso?
UmBhalo: Heb 13:18
Okuzohanjiswa: IBhayibheli lisikhuthaza ukuba sithembeke kuzo zonke izinto. Ngakho ukwethembeka kuthinta zonke izici zokuphila kwethu. Yilokho le Nqabayokulinda ekhuluma ngakho.
INQABAYOKULINDA (ikhasi elingemuva)
Umbuzo: Ngingathanda ukuzwa umbono wakho ngalo mbuzo. [Funda umbuzo wokuqala.] Abanye abantu bakholelwa ukuthi siyaqhubeka siphila sikwesinye isimo, kanti abanye bakholelwa ukuthi lapho sifa konke kuyaphela. Yini oyikholelwayo?
UmBhalo: UmSh 9:5
Okuzohanjiswa: Lesi sihloko sichaza okwengeziwe ngalokho okushiwo yiBhayibheli ngale ndaba. Ungathanda ukusifunda? Singabuye sixoxe ngakho ngesinye isikhathi.
IZINDABA EZINHLE EZIVELA KUNKULUNKULU!
Okuzohanjiswa: Ngilapha ukuze ngikutshele ngesifundo seBhayibheli samahhala. Le ncwajana ikubonisa ukuthi ungazithola kuphi eBhayibhelini lakho izimpendulo zemibuzo ebalulekile.
Umbuzo: Wake walifunda yini iBhayibheli? Ake ngikubonise ukuthi izifundo zilula kanjani ezikule ncwajana. [Cabangela umbuzo 1 esifundweni 2.]
UmBhalo: IsAm 4:11
ZAKHELE EYAKHO INTSHUMAYELO
Landela indlela okuhlelwe ngayo izibonelo ezinikeziwe ukuze uzakhele eyakho intshumayelo yasensimini.