UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
“O Jehova, . . . Ithemba Lami Ngilibeke Kuwe”
Kubalulekile ukuba sithembele kuJehova lapho izinto zihamba kahle nalapho kunzima. (IHu 25:1, 2) Ekhulwini lesi-8 B.C.E., amaJuda ayekwaJuda abhekana nenhlekelele eyavivinya ukwethembela kwawo kuNkulunkulu. Kuningi esingakufunda kulokho okwenzeka. (Ro 15:4) Ngemva kokubuka i-video ethi “O Jehova, . . . Ithemba Lami Ngilibeke Kuwe”, ungayiphendula kanjani imibuzo elandelayo?
-
Iyiphi inhlekelele uHezekiya ayebhekene nayo?
-
UHezekiya wasisebenzisa kanjani isimiso esisencwadini yezAga 22:3 lapho ebona ukuthi bangase bavinjezelwe?
-
Kungani uHezekiya engakucabanganga ukuzinikela kwabase-Asiriya noma ukwakha umfelandawonye neGibhithe?
-
UHezekiya uwabekela siphi isibonelo esihle amaKristu?
-
Iziphi izimo ezivivinya okwethu ukuthembela kuJehova namuhla?