UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Khumbula Ukuthandazela AmaKristu Ashushiswayo
IBhayibheli labikezela ukuthi uSathane wayezosishushisa, ezama ukuphazamisa inkonzo yethu. (Joh 15:20; IsAm 12:17) Singawasiza kanjani amaKristu esikanye nawo abhekene noshushiso kwamanye amazwe? Singawathandazela. “Ukunxusa komuntu olungileyo, lapho kusebenza, kunamandla amakhulu.”
Yini esingayithandazela? Singacela uJehova ukuba anike abafowethu nodadewethu isibindi futhi abasize bangesabi. (Isaya 41:10-13) Singathandazela nokuba iziphathimandla zibe nesimo esihle ngomsebenzi wokushumayela, “ukuze siqhubeke siphila ukuphila okuzolile nokunokuthula.”
Lapho uPawulu noPetru beshushiswa, amaKristu ekhulu lokuqala abathandazela ebabiza ngamagama. (IzE 12:5; Ro 15:30, 31) Ngisho noma singawazi amagama abo bonke labo abashushiswayo namuhla, singalisho yini ibandla, izwe noma indawo abakuyo?