Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | MATHEWU 1-3

“Umbuso Wamazulu Ususondele”

“Umbuso Wamazulu Ususondele”

3:4

  • Izingubo zikaJohane nendlela ayebukeka ngayo kwakuvele kukwenze kucace ukuthi wayephila ukuphila okulula, ezinikele ngokuphelele ekwenzeni intando kaNkulunkulu

  • Ukuzidela kukaJohane kwakuwubala kakhulu uma kuqhathaniswa nelungelo lokuba umanduleli kaJesu

Ukuphila okulula kusisiza senze okwengeziwe enkonzweni kaNkulunkulu, kusenze sizizwe saneliseke kakhulu. Singenza ukuphila kwethu kube lula . . . 

  • ngokubheka ukuthi iziphi izinto esizidinga ngempela

  • ngokugwema izindleko ezingenasidingo

  • ngokuyihlela kahle indlela esizoyisebenzisa ngayo imali

  • ngokuthengisa noma ngokuphisana ngezinto esingazidingi

  • ngokukhokha zonke izikweletu

  • ngokunciphisa ukusebenza isikhathi esengeziwe

Ukudla kukaJohane kwakuyizinkumbi noju lwasendle

Ukwenza ukuphila kube lula kuzongenza ngikwazi ukufinyelela muphi umgomo engizibekele wona?