UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Yekani Ukukhathazeka
ENtshumayelweni yaseNtabeni, uJesu wathi: “Yekani ukukhathazeka ngemiphefumulo yenu.” (Math 6:25) Nakuba kujwayelekile ukuba abantu abanesono abaphila ezweni likaSathane bakhathazeke ngezinye izikhathi, uJesu wayefundisa abalandeli bakhe ukuba bakugweme ukukhathazeka kakhulu. (IHu 13:2) Kungani? Ngoba ukukhathazeka ngokungafanele ngisho nangezidingo zosuku kungasiphazamisa, kwenze kube nzima nakakhulu ukufuna kuqala uMbuso. (Math 6:33) Amazwi kaJesu alandelayo angasisiza siyeke ukukhathazeka ngokungadingekile.
-
Math 6:26—Singafundani ngokubuka izinyoni? (w16.07 9-10 ¶11-13)
-
Math 6:27—Kungani ukukhathazeka ngokungadingekile kuchitha isikhathi namandla? (w05 11/1 22 ¶5)
-
Math 6:28-30—Isiphi isifundo esingasifunda eminduzeni yasendle? (w16.07 10-11 ¶15-16)
-
Math 6:31, 32—AmaKristu ahluke ngaziphi izindlela ezizweni? (w16.07 11 ¶17)
Yini engifuna ukuyeka ukukhathazeka ngayo?