Januwari 22-28
MATHEWU 8-9
INgoma 84 Nomthandazo
Amazwi Okuvula (3 imiz. noma ngaphansi)
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU
“UJesu Wayebathanda Abantu”: (10 imiz.)
Math 8:1-3—UJesu wabonisa ububele obukhulu kumuntu oweyenochoko (amaphuzu okucwaninga: “wamthinta,” “Ngiyathanda,” akuMath 8:3 kuyi-nwtsty-E)
Math 9:9-13—UJesu wayebathanda labo ababezondwa ngabanye abantu (amaphuzu okucwaninga: “ehlezi etafuleni,” “abathelisi,” akuMath 9:10 kuyi-nwtsty-E)
Math 9:35-38—Indlela uJesu abathanda ngayo abantu yamenza washumayela izindaba ezinhle ngisho nalapho ekhathele futhi wathandazela nokuba uNkulunkulu athumele izisebenzi ezengeziwe (iphuzu lokucwaninga elithi “wafikelwa isihawu” elikuMath 9:36, kuyi-nwtsty-E)
Ukumba Sifuna Ingcebo Engokomoya: (8 imiz.)
Math 8:8-10—Yini esingayifunda engxoxweni kaJesu nesikhulu sebutho? (w02 8/15 13 ¶16)
Math 9:16, 17—Wayecacisa liphi iphuzu uJesu lapho esebenzisa le mifanekiso emibili? (jy-E 70 ¶6)
Ukufundwa kweBhayibheli kwaleli sonto kukufundiseni ngoJehova?
Iyiphi enye ingcebo oyithole ekufundweni kweBhayibheli kwaleli sonto?
Ukufundwa KweBhayibheli: (4 imiz. noma ngaphansi) Math 8:1-17
YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI
Lapho Ubuyela Okwesibili: (3 imiz noma ngaphansi) Qala ngokusebenzisa intshumayelo yengxenye ethi Ongase Uxoxe Ngakho. Memela umuntu emhlanganweni.
Lapho Ubuyela Okwesithathu: (3 imiz. noma ngaphansi) Zikhethele umBhalo ongawusebenzisa bese uhambisa incwadi esiyisebenzisela ukuqhuba isifundo.
Esifundweni SeBhayibheli: (6 imiz. noma ngaphansi) bhs 47 ¶18-19
UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
‘Ngokuqinisekile UNkulunkulu Wamenza INkosi NoKristu’—INgxenye 1, Isiqephu: (15 imiz.) Ingxoxo. Ngemva kokufunda uMathewu 9:18-25 nokubuka ividiyo, buza le mibuzo elandelayo:
UJesu wabonisa kanjani ukuthi uyamkhathalela owesifazane noJayiru?
Le ndaba iyithonye kanjani indlela obheka ngayo iziprofetho zeBhayibheli ezimayelana nekusasa lapho sekubusa uMbuso?
Iziphi izindlela esingalingisa ngazo uthando lukaJesu ngabantu?
ISifundo SeBhayibheli Sebandla: (30 imiz.) lv isahl. 3 ¶8-15 nebhokisi * ek. 30
Ukubukeza Okulandelwa Amabal’ engwe Angesonto Elizayo (3 imiz.)
INgoma 116 Nomthandazo
^ isig. 26 Ningase nikhethe ukungalifundi ibhokisi.