UJesu Wayebathanda Abantu
Incwadi kaMathewu isahluko 8 no-9 ikhuluma ngenkonzo kaJesu endaweni yaseGalile. Lapho uJesu elapha abantu, wabonisa amandla akhe, kodwa okubaluleke nakakhulu wabonisa ukuthi ubathanda kakhulu abantu futhi uyabazwela.
-
UJesu waphulukisa umuntu owayenochoko.—Math 8:1-3
-
UJesu waphulukisa inceku yesikhulu sebutho.—Math 8:5-13
Waphulukisa umkhwekazi kaPetru.—Math 8:14, 15
Waxosha amademoni, welapha nabantu ababegula.—Math 8:16, 17
-
UJesu waxosha amademoni ayenamandla ngendlela engavamile, wawafaka emhlanjini wezingulube.—Math 8:28-32
-
UJesu waphulukisa umuntu owayekhubazekile.—Math 9:1-8
Welapha owesifazane owathinta ingubo yakhe, wavusa indodakazi kaJayiru eyayifile.—Math 9:18-26
Welapha izimpumputhe nezimungulu.—Math 9:27-34
-
UJesu wayehamba emadolobheni nasemizini, elapha yonke inhlobo yesifo nayo yonke inhlobo yobuthakathaka.—Math 9:35, 36
Ngingababonisa kanjani abantu engiphila nabo uthando olwengeziwe nomusa?