Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Vikela Umshado Wakho

Vikela Umshado Wakho

UJehova ubheka izifungo zomshado njengezibaluleke kakhulu. Wathi indoda nenkosikazi kumelwe banamathelane. (Math 19:5, 6) Baningi abantu abashadile abayizibonelo ezinhle phakathi kwabantu bakaNkulunkulu. Kodwa ziba khona izinkinga ngoba awukho umshado ongenazinkinga. Akumelwe sibe nombono ovamile wokuthi ukuhlala ngokwehlukana nedivosi kuyisixazululo lapho abantu abashadile beba nezinkinga. AmaKristu ashadile angayivikela kanjani imishado yawo?

Nazi izinyathelo ezinhlanu ezibalulekile.

  1. Qapha inhliziyo yakho ngokugwema izinto ezinjengokudlala ngothando nokuzijabulisa okungcolile, okungawenza buthaka umshado.—Math 5:28; 2Pet 2:14.

  2. Qinisa ubungane bakho noNkulunkulu, wandise nesifiso sokumjabulisa emshadweni wakho.—IHu 97:10.

  3. Qhubeka ugqoka ubuntu obusha futhi wenza izenzo ezincane zomusa, eziyokwenza ukuphila komlingane wakho womshado kube lula.—Kol 3:8-10, 12-14.

  4. Khulumisanani ngokukhululekile nangenhlonipho.—Kol 4:6.

  5. Ucansi kumelwe lwenziwe ngothando.—1Ko 7:3, 4; 10:24.

Lapho amaKristu ehlonipha umshado, asuke ehlonipha uMsunguli wawo, uJehova.

BUKELANI IVIDIYO ETHI KUMELWE ‘SIGIJIME NGOKUKHUTHAZELA’—LALELA IMITHETHO YOMNCINTISWANO, BESE NIPHENDULA IMIBUZO ELANDELAYO:

  • Yiziphi izinkinga ezingaba khona nakuba umshado uqale kahle?

  • Lingabasiza kanjani iBhayibheli labo abezwa ngathi alukho uthando emshadweni wabo?

  • Sebenzisa lokho okuseBhayibhelini ukuze ube nomshado ojabulisayo

    Yimiphi imithetho uJehova ayibekela abantu abashadile?

  • Yini okumelwe yenziwe abantu abashadile ukuze umshado wabo uphumelele?