UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Khetha Ukukhonza UJehova
Uma ungummemezeli ongabhapathiziwe osemusha noma ufunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova ingabe unawo umgomo wokubhapathizwa? Kungani kumelwe ube nesifiso sokubhapathizwa? Ukuzinikezela nokubhapathizwa kwenza ube nobuhlobo obuseduze noJehova. (IHu 91:1) Kungakwenza nokuba usindiswe. (1Pet 3:21) Yini ongayenza ukuze ubhapathizwe?
Thola ubufakazi bokuthi leli iqiniso. Uma ufikelwa imibuzo, cwaninga. (Ro 12:2) Thola ukuthi yiziphi izinguquko okumelwe uzenze, bese uzenza ngenxa yokuthi ufuna ukujabulisa uJehova. (IzA 27:11; Efe 4:23, 24) Thandaza njalo umcele ukuba akusize. Qiniseka ngokuthi uJehova uzokuqinisa akusekele ngomoya wakhe ongcwele onamandla. (1Pet 5:10, 11) Ngeke uzisole ngomzamo owenzayo. Ukukhetha ukukhonza uJehova kuyisiqumo esihle kakhulu ongasenza ekuphileni kwakho!—IHu 16:11.
BUKELANI IVIDIYO ETHI INDLELA EYA OBHAPATHIZWENI, BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:
-
Yiziphi izithiyo abanye abaye bazinqoba ukuze babhapathizwe?
-
Ungalwakha kanjani ukholo oludingekayo ukuze uzinikezele kuJehova?
-
Yini ekhuthaze abanye ukuba bathathe isinyathelo sokubhapathizwa?
-
UJehova ubabusisa kanjani labo abakhetha ukumkhonza?
-
Kusho ukuthini ukuzinikezela nokubhapathizwa?