Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Uthando UKristu analo lusibusa ngokuphelele.”—2Ko 5:14

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Ungaba Yini Iphayona NgoMashi Noma Ngo-Ephreli?

Ungaba Yini Iphayona NgoMashi Noma Ngo-Ephreli?

Ungathanda ukwenza okwengeziwe enkonzweni kaJehova phakathi nesikhathi seSikhumbuzo? (2Ko 5:14, 15) NgoMashi nango-Ephreli, amaphayona asizayo angase akhethe ukushumayela amahora angu-30 noma angu-50. Uma ungakwazi ukuhlanganyela kule nkonzo ekhethekile, faka isicelo eKomitini Yenkonzo Yebandla. Labo abagunyaziwe ukuba babe amaphayona asizayo bayomenyezelwa inyanga ngayinye. Lokhu kuyokwenza ibandla likwazi ukusekela amaphayona enkonzweni. Kwangathi sonke singawasebenzisa la mathuba ngesikhathi seSikhumbuzo, sithuthukise amakhono ethu okushumayela nokukhuthaza abanye.—1Thes 5:11.