UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Sihlelelwe Ukushumayela Kubo Bonke Abantu
Njengoba nje uJehova awenza ahleleka ama-Israyeli, nanamuhla ubenza bahleleke abantu bakhe ukuze benze intando yakhe. Emhlabeni wonke, amahhovisi amagatsha, izigodi ezingaphansi kwawo, amabandla namaqembu enkonzo yasensimini, konke kuyasebenzisana ukuze kushunyayelwe izindaba ezinhle. Sishumayela kubo bonke abantu, kuhlanganise nalabo abakhuluma olunye ulimi.—IsAm 14:6, 7.
Uke wakucabangela ukufunda olunye ulimi ukuze usize abanye bafunde iqiniso? Ngisho noma ungenaso isikhathi sokufunda olunye ulimi, ungasebenzisa i-JW Language ukuze ufunde izintshumayelo ezilula. Ngemva kokuyisebenzisa enkonzweni, uyothola injabulo efanayo naleyo eyatholwa abafowethu bangekhulu lokuqala, lapho abantu bakwamanye amazwe bemangazwa ukuzwa ‘izinto ezinhle kakhulu zikaNkulunkulu’ ngolimi lwabo.—IzE 2:7-11.
BUKELANI IVIDIYO ETHI YIBA UMNGANE KAJEHOVA—SHUMAYELA NGOLUNYE ULIMI, BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:
-
Ungayisebenzisa nini i-JW Language?
-
Yiziphi izinto enazo?
-
Yiziphi izilimi ezikhulunywa abantu basendaweni yangakini?
-
Yini okumelwe ngiyenze uma othile ebonisa ukuthi uyathanda ukuxoxa ngomyalezo woMbuso kodwa ebe ekhuluma olunye ulimi?—od 100-101 ¶39-41