UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Inkululeko Yangesikhathi Esizayo Ezolethwa UNkulunkulu NoKristu
Yiziphi izinkinga obhekana nazo nsuku zonke? Ingabe uyinhloko yomndeni futhi unezinto eziningi ozama ukuzinakekela? Ingabe ungumzali ongayedwa futhi uzama kanzima ukondla umndeni wakho? Ingabe usemusha futhi uhlukunyezwa ontanga yakho esikoleni? Ingabe unempilo ebuthaka noma unezinkinga ezibangelwa ukukhula? Wonke umuntu ubhekene nezinkinga. AmaKristu amaningi abhekana nezinkinga eziningi ngesikhathi esisodwa. Noma kunjalo, siyazi ukuthi maduze uJehova uzoziqeda lezo zinkinga.—2Ko 4:16-18.
Kodwa okwamanje, singaduduzwa ukuthi uJehova uyaziqonda izinkinga zethu, uyabujabulela ubuqotho bethu nokukhuthazela kwethu futhi uzosibusisa. (Jer 29:11, 12) UJesu naye uyasikhathalela. Njengoba senza imisebenzi yethu yobuKristu, uyasiqinisekisa: “Nginani.” (Math 28:20) Lapho sizipha isikhathi sokuzindla ngendlela esiyokhululeka ngayo ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu, simthemba nakakhulu uJehova futhi sizimisela ukukhuthazelela uvivinyo esibhekene nalo manje.—Ro 8:19-21.
BUKELANI IVIDIYO ETHI NJENGOBA ISIPHEPHO SISONDELA, GXILA KUJESU!—IZIBUSISO ZOMBUSO EZIZAYO, BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:
-
Abantu bahlukaniswa kanjani noNkulunkulu futhi kwaba namuphi umphumela?
-
Yiziphi izibusiso ezizotholwa yilabo abathembekile kuJehova?
-
Yini eyenzeka ezokwenza bakwazi ukuthola lezi zibusiso?
-
Yiziphi izibusiso esizozithola ezweni elisha ozibheke ngabomvu?