AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU
Ngubani INkosi Yakho?
Ama-Israyeli agabadela acela inkosi engumuntu (1Sa 8:4, 5; it-2-E 163 ¶1)
Ama-Israyeli ayenganelisekile ngokuba noJehova njengoMbusi wawo ongabonakali (1Sa 8:7, 8; w11 1/1 27 ¶1)
UJehova wawaxwayisa ngemiphumela yesicelo sawo (1Sa 8:9, 18; w10 1/15 30 ¶9)
UJehova ubelokhu eyibusa yonke indalo yakhe. Ubusa ngendlela enomusa futhi ukubusa kwakhe akubalulazi labo abangaphansi kwako. Uma silalela futhi sisekela ukubusa kwakhe siyothola izibusiso zaphakade.
ZIBUZE, ‘Ngibonisa kanjani ekuphileni kwami ukuthi ngiyazithoba endleleni kaJehova yokubusa?’