YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI | YIJABULELE NAKAKHULU INKONZO YAKHO
Siza Labo Obafundela IBhayibheli Bagweme Ukuzihlanganisa Nabantu Abangamthandi UJehova
Ukuze babe abangane noJehova, obafundela iBhayibheli kumelwe babakhethe kahle abantu abazihlanganisa nabo. (Hu 15:1, 4) Abangane abathanda uJehova bayothonya obafundelayo ukuba benze okufanele.—IzA 13:20; lff isifundo 48.
Yiba nozwela lapho usiza obafundela iBhayibheli ukuba bagweme abangane ababi. Bangase bakuthole kunzima ukuba bahlukane nabangane abangamkhonzi uJehova. Ngakho, babonise ukuthi uyabakhathalela ngisho nalapho kungesona isikhathi sokufunda. Lokhu ungakwenza ngokubabhalela umyalezo, ngokubafonela nangokubavakashela. Njengoba obafundelayo bethuthuka, ungabamema lapho nihlangene nabantu bakaNkulunkulu. Uma wenza kanjalo, bayobona ngokucacile ukuthi kuningi abakuzuzayo kunalokho okubalahlekelayo. (Mar 10:29, 30) Nawe uyojabula lapho ubona umndeni kaJehova wanda.
BUKELANI IVIDIYO ETHI SIZA LABO OBAFUNDELA IBHAYIBHELI BAGWEME UKUZIHLANGANISA NABANTU ABANGAMTHANDI UJEHOVA, BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:
-
Abanjani abangane ababi?—1Ko 15:33
-
UMbali wayecabanga ukuthi unjani umbuthano wamaKristu?
-
UNonto wamsiza kanjani uMbali ukuba avale isikhala sabangane ababi?