UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Basha—Thululelani Abazali Benu Isifuba
Kungani kufanele uxoxe ngokukhululekile nabazali bakho ngalokho okucabangayo? (IzA 23:26) Kungenxa yokuthi uJehova ubayale ukuba bakuqondise futhi bakunakekele. (Hu 127:3, 4) Kungase kube nzima ngabo ukuba bakusize uma ubafihlela ukuthi yini ekukhathazayo. Uzophuthelwa ukuzwa amacebiso awusizo ezinto ababhekana nazo ekuphileni kwabo. Kubi yini ukufihla lokho okucabangayo? Akunjalo ngempela—uma nje ungakhohlisi.—IzA 3:32.
Ungaxoxa kanjani nabazali bakho? Zama ukukhetha isikhathi esikahle. Uma lokho kuyinselele, ungabhalela oyedwa wabo incwadi, umtshele indlela ozizwa ngayo. Kuthiwani lapho befuna ukukhuluma ngendaba wena ongafuni ukukhuluma ngayo? Khumbula ukuthi bafuna ukukusiza ngempela. Abazali bakho babheke njengabangane hhayi izitha. Umzamo owenzayo ukuze ukhulume nabazali bakho ngokukhululekile, uyokusiza ekuphileni kwakho konke—phakade!—IzA 4:10-12.
BUKELANI IVIDIYO ETHI UBUSHA BAMI—NGINGAKHULUMA KANJANI NABAZALI BAMI? BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:
-
Yini u-Esther noPartik abayiqaphela ngobuntu babo?
-
Ungafundani esibonelweni sikaJesu?
-
Yiziphi izindlela abazali bakho ababonise ngazo ukuthi bayakuthanda?
-
Yiziphi izimiso zeBhayibheli ezingakusiza ukwazi ukukhuluma nabazali bakho?