UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Indalo Ikwenza Sikwethembe Nakakhulu Ukuhlakanipha KukaJehova
Ingabe uJehova uhlale ekwazi okusifanele? Impela! Njengoba sikholelwa yilokhu, sibonisa ukuthi sihlakaniphile lapho silandela isiqondiso sakhe. (IzA 16:3, 9) Noma kunjalo, ukwethemba kwethu isiqondiso sakhe kungase kuvivinywe lapho singahambisani nalokho esikucabangayo. Singakwethemba nakakhulu ukuhlakanipha kukaJehova ngokuzindla ngemisebenzi yakhe ayidalile.—IzA 30:24, 25; Rom 1:20.
BUKELANI IVIDIYO ETHI INGABE KWADALWA? IZINTUTHWANE ZISIGWEMA KANJANI ISIMINYAMINYA? BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:
-
Zenzani izintuthwane nsuku zonke?
-
Izintuthwane zisigwema kanjani isiminyaminya?
-
Imiphi imithetho izintuthwane eziyilandelayo lapho zihamba abantu abangayilingisa?
BUKELANI IVIDIYO ETHI INGABE LADALWA? IKHONO LENYOSI I-BUMBLEBEE LOKULAWULA UKUNDIZA KWAYO, BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:
-
Abantu abasebenzisa izindiza ezincane babhekana naziphi izinkinga?
-
Inyosi i-bumblebee iqhubeka kanjani indiza ngaphandle kokuphazamiseka?
-
Abantu bangazuza kanjani ekuhlakanipheni kwemvelo kwenyosi i-bumblebee?
Ibuphi ubufakazi bokuhlakanipha kukaJehova obubonile endalweni lapho uhlala khona?