Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI | YIJABULELE NAKAKHULU INKONZO YAKHO

Siza Labo Obafundela IBhayibheli Baye Emhlanganweni

Siza Labo Obafundela IBhayibheli Baye Emhlanganweni

Imihlangano yebandla iyingxenye ebalulekile ekukhonzeni uNkulunkulu ngendlela emsulwa. (Hu 22:22) Bonke abahlanganayo ukuze bakhonze uJehova bathola injabulo nezibusiso. (Hu 65:4) Esibafundela iBhayibheli ngokuvamile bathuthuka ngokushesha uma bebakhona njalo emihlanganweni.

Ungabasiza kanjani obafundela iBhayibheli ukuba baye emihlanganweni? Qhubeka ubamemela emihlanganweni yethu. Babukise ividiyo ethi Kwenziwani EHholo LoMbuso? Bachazele izinzuzo zokuya emihlanganweni. (lff isifundo 10) Ungabaxoxela ngephuzu elithile olifunde emhlanganweni noma ubaxoxele ngamaphuzu omhlangano olandelayo. Nikeza obafundelayo izincwadi ezizosetshenziswa emihlanganweni. Basize nangezinye izindlela. Mhlawumbe ungabasiza uhambe nabo ngemoto niye emhlanganweni. Uyojabula lapho omfundelayo eba khona emihlanganweni okokuqala ngenxa yemizamo oyenzile yokummema.​—1Ko 14:24, 25.

BUKELANI IVIDIYO ETHI SIZA LABO OBAFUNDELA IBHAYIBHELI BAYE EMHLANGANWENI BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:

  • UNonto usebenzise liphi ithuba ukuze amemele uMbali emihlanganweni yebandla?

  • Kungani sijabula lapho ofundelwa iBhayibheli eba khona emihlanganweni?

  • “Ngempela uNkulunkulu uphakathi kwenu”

    UMbali wazizwa kanjani lapho eba khona emhlanganweni okokuqala futhi yini ayibona?