Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Funa Imicabango KaNkulunkulu

Funa Imicabango KaNkulunkulu

Sifuna ukujabulisa uJehova kukho konke esikwenzayo. (IzA 27:11) Ukuze senze kanjalo, kudingeka senze izinqumo ezivumelana nokucabanga kwakhe ngisho nalapho kungekho umthetho ocacile noma umyalo osiqondisayo. Yini engasisiza ukuze senze kanjalo?

Yiba nesimiso sokulifunda njalo iBhayibheli. Njalo lapho sifunda iBhayibheli kuba sengathi sichitha isikhathi noJehova. Singayifunda indlela kaJehova yokucabanga ngokubheka indlela asebenzelana ngayo nabantu bakhe nangokuhlola izibonelo zalabo abenza okuhle noma labo abenza okubi emehlweni akhe. Lapho kudingeka senze izinqumo, umoya ongcwele ungasisiza sikhumbule izifundo ezibalulekile nezimiso esazifunda eZwini likaNkulunkulu.​—Joh 14:26.

Cwaninga. Lapho kumele wenze isinqumo, zibuze, ‘Yimaphi amavesi noma izindaba eziseBhayibhelini ezingangisiza ngiqonde indlela uJehova azizwa ngayo ngendaba?’ Thandazela usizo lukaJehova usebenzise namathuluzi okucwaninga atholakala ngolimi lwakho ukuze uthole futhi usebenzise izimiso zeBhayibheli ezingakusiza kuleso simo obhekene naso.​—Hu 25:4.

BUKELANI IVIDIYO ETHI  KUMELWE ‘SIGIJIME NGOKUKHUTHAZELA​—YIDLA UKUDLA OKUNOMSOCO, BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:

  • Udade osemusha ubhekana nakuphi ukucindezelwa kule vidiyo?

  • Ungawasebenzisa kanjani amathuluzi okucwaninga ukuze ubhekane nokucindezelwa okufanayo?

  • Sizuza kanjani uma sizinika isikhathi sokucwaninga nokutadisha ngokuthile okungasisiza senze izinqumo ezinhle?​—Heb 5:13, 14