UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Zibekele Imigomo Yangenkathi YeSikhumbuzo
Unyaka ngamunye, abantu bakaJehova bayakulangazelela ukugubha iSikhumbuzo ndawonye. Phakathi nempelasonto yangaphambi nangemva kweSikhumbuzo, sisebenzisa lawo mathuba akhethekile ukuze sidumise futhi sibonge uJehova ngesipho sesihlengo. (Efe 1:3, 7) Ngokwesibonelo, sisebenza kanzima ukuze simemele abantu eSikhumbuzweni. Abanye bahlela isikhathi sabo ukuze bakwazi ukuba amaphoyona asizayo, abika amahora angu-30 kuya kwangu-50 phakathi nenyanga kaMashi no-Ephreli. Ungathanda yini ukwandisa isikhathi osichitha usenkonzweni phakathi nenkathi yeSikhumbuzo? Ukuze wenze kanjalo, yini engakusiza?
Izikhathi eziningi, siyakwazi ukufeza okuningi uma sihlela kusengaphambili. (IzA 21:5) Njengoba inkathi yeSikhumbuzo isondela ngokushesha, manje yisikhathi sokuqala ukuhlela. Cabanga ngokuthi ungakwazi kanjani ukwenza okwengeziwe enkonzweni phakathi nenkathi yeSikhumbuzo futhi unqume ukuthi yini oyidingayo ukuze ufinyelele imigomo yakho. Ngemva kwalokho, cela uJehova abusise imizamo yakho.—1Jo 5:14, 15.
Yiziphi ezinye izindlela ongandisa ngazo inkonzo yakho phakathi nenkathi yeSikhumbuzo?